"UMkhonto" uthi usethatha ikhefu kwezokulingisa

2016-05-26 11:30

Durban - UBonga Dlamini obedlala indawo kaMkhonto emdlalweni oyintandokazi kumabonakude Uzalo olutshengisa ku-SABC1 ngo-20:30 nsuku zonke phakathi nesonto uthi usekhethe ukuthatha ikhefu kwezokulingisa.

UBonga ugcine ukuvela kulo mdlalo kwisizini yokuqala njengoba inkontileka yakhe ingazange ivuselelwe kwisizini yesibili yawo.

Lo mlingisi uthi uzogxila kwezamabhizinisi njengoba ethi akawutholi umsebenzi awufunayo.

OLUNYE UDABA: Umbiko-usekhonjwe indlela 'uMkhonto'

UMkhonto" uthe useyakuyeka ukulingisa manje usezogxila kwezamabhizini angeke akwazi ukuwadalula njengoba esaqala.

"Okunye okwenza ngiyeke ukuthi sengiqede iminyaka eyishumi ngikule ndima, ngithola namathuba amaninngi. Angiyeki ngoba ingasekho imidlalo engiyithandayo kodwa ayikho imidlalo esengike ngacelwa kuyo ukuthi ngiyijoyine ingiqhubekise phambili njengomlingisi.Angikufuni ukuba ngumuntu ogidagida ndawonye noma ngibuyele emuva, " kusho uBonga etshela abephephandaba iSolezwe.

UBonga uphinde waveza ukuthi ukube usakuZalo ubengeke awuthathe umhlala phansi kodwa ibhizinisi  yinto okudala ayefuna ukyiqala kanti futhi angaqhubeka nokulingisa uma engase adlale indawo ephambili emdlalweni noma kwifilimu azonikwa kuyo inkontileka ende ngoba iminyaka iyahamba elokhu enza imidlalo eminingi ethola izinkontileka ezimfushane kuyo.

Lo mlungisi useke wabonakala emdlanweni eminingi okubalwa kuyo iSidingo, i-Ashes to Ashes, iRyhthm City neminye eminingi.

Khonamanjalo kuzwakale ukuthi uMpumelelo Bhulose obengomunye wabalingisi bomdlalo Uzalo usezobonakala kumdlalo wakuMzansi Magic iGreed and Desire maduze njengoba eseqalile ukuqopha kuwo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.