UMkhwebane akananxa noMadonsela, ucela ukunikwa ithuba naye

2017-02-05 18:06

Johannesburg – Umvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane usenxuse umphakathi ukuba umnikeze ithuba lokuzibonakalisa. 

"Akucelayo nje yithuba lokuzibokalalisa,” kusho ihhovisi lakhe esitatimendeni ngeSonto.

UMkhwebane usho lokhu nje bubukeka bungebuhle ubudlelwane bakhe nalowo obenguMvikeli woMphakathi, uThuli Madonsela -  ‘ngenxa yemali yempesheni ebanjelwe uMadonsela’.

UMkhwebane uthe ingxenye ethile yemali abanjelwe yona uMadonsela imayelana nemoto yoMbuso eyalimala.

Uthe basafuna ukucetshiswa ngezomthetho mayelana nokuthi kumele yini uMadonsela abanjelwe imali ngokulimala kwemoto.

OLUNYE UDABA: Kuzophenywa ngeqhaza likaNdunankulu ekufeni kweziguli

UMkhwebane ugxeke imininingwane engelona iqiniso esatshalaliswayo, ethi imali ibanjwe ngenxa yenzondo ekhona.

UMkhwebane uphinde wagcizelela ukuthi akamzondi uMadonsela.

"Uyamhlonipha u-Adv Madonsela futhi uyambonga ngomsebezni wakhe awenzele iNingizimu Afrika ngaphansi kwentando yabantu ngesikhathi esasehhovisi.”

Ngesonto eledlule uMadonsela wathi usola ukuthi uMengameli Zuma neState Security Agency (SSA) kungenzeka ukuba bayathinteka ekudaleni ukungezwani phakathi kwakhe noMkhwebane.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.