UMkhwebane uzokwenza uphenyo ngeqhaza likaMagashule kudliwa izimali zokuhlomulisa abantu

2018-04-18 09:30

Johannesburg – Umvikeli woMphakathi, uBusisiwe Mkhwebane, uthi ihhovisi lakhe lizokwenza uphenyo ngeqhaza likalowo owayenguNdunankulu waseFree State u-Ace Magashule kwi-Estina Dairy Project.

UMkhwebane wathola ukugxekwa kakhulu ngombiko wakhe wokuqala awukhipha ngoFebhuwari ongazange ukhulume lutho ngeqhaza losopolitiki kulo mklamo.

Lokhu kwenzeka nakuba ubufakazi bulokhu buvele njalo ngeqhaza elabanjwa yizikhulu eziphezulu kuhulumeni wesifundazwe ukuqinisekisa ukuthi kuhlomula umndeni wakwaGupta ngalo mklamo.

OLUNYE UDABASenyuke ngo-14% isibalo sabashone ezingozini zomgwaqo ngePhasika

UMvikeli woMphakathi ubesePhalamende ngoLwesibili, wanxusa amalungu ePhalamende ukuba kwenyuswe isabelomali sehhovisi lakhe ukuze lizokwenza ukuphenya ngezinto eziningi.

Kodwa amalungu ePhalamende abefuna izimpendulo ngezinye izinto okukhulunywa ngazo emphakathi, wagcina ethi ozolwenza uphenyo ngeqhaza lika-Ace Magashule kulo lu daba.

UMkhwebane uthe ihhovisi lakhe lishoda ngo-R29-million kwisabelomali, nokusho ukuthi alikazwi ukuqasha abaphenyi abangongoti.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.