Umlando omncane ngomengameli omusha we-ANC, uRamaphosa

2017-12-18 21:11

Johannesburg - UCyril Ramaphosa ungumengameli wesi-14 we-ANC engqungqutheleni yokukhetha ubuholi obusha eqhubekayo eNasrec, eSoweto. 

URamaphosa waba yiphini likamengameli ngemuva kokhetho lwe-ANC ngo-2012. Ngaleso sikhathi wayelandwe wuhlangothi olwalweseka uMengameli Jacob Zuma.

Ngaphambi kwalokho wayengusihlalo we-planning commission kuzwelonke eyasungula iNational Development Plan, okuwumhlahlandlela wezwe obheke ku-2030.

UMLANDO OMUHLE NGAYE: URamaphosa ungomunye wabantu abasungula inyunyana enkulukazi kuleli - iNational Union of Mineworkers.

Waziwa kakhulu nangomuntu onekhono ekubambeni izingxoxo, njengoba adlala indima enkulu ezingxoxweni kwiCodesa, eyacabanga indlela ebheke kwintando yabantu.

Ngemuva kokhetho lokuqala lwentando yabantu, wabayilungu lePhalamende, wakhethwa esikhundleni sokuba usihlalo we-Constitutional Assembly nokuyilapho adlala khona indima enkulu ekubhalweni koMthethosisekelo wezwe.

Kukholakala ukuthi abatshalizimali, izimakethe kanye nama-rating agency azozithakasela izindaba zokukhethwa kwakhe ngenxa yokuthi uyawuqonda umnotho.

OLUNYE UDABA: UMaimane uthi ngeke alisize ngalutho izwe uRamaphosa

UMLANDO ONGEMUHLE NGAYE: Yiqhaza lakhe kubulawa abantu eMarikana. URamaphosa wayengumqondisi weLonmin kanti wabhalela ongqongqoshe izincwadi efuna ukuba kuthathwe izinyathelo eziqinile ngesiteleka esingekho emthethweni abasebenzi ababetelekile befuna amaholo angcono.

Waxolisa nokho ngeqhaza lakhe kodwa abavukuzi bangakwamukela ukuxolisa kwakhe.

Ngemuva kokwehlulwa nguThabo Mbeki ekuthatheni izintambo kuNelson Mandela, uRamaphosa wangena kwezamabhizinisi wazenzela imali engu-R7.4 billion okukholakala ukuthi ingena ngeShanduka group.

Abangekho ngasohlangothini lwakhe basebenzisa lokhu ukumchaza njengomuntu othanda ongxiwankulu, bathi uyaphikisana nemizamo ye-ANC yokwenza izinguquko kwezomnotho.

Abanye bathi ipolitiki wayishiya ngoba edinwe ukuthi wehlulwa uMbeki.

Ngo-2012 waxolisa ngokusebenzisa imali engafinyelela ku-R20 million ethenga inqama ekubeni kunabantu abaningi abahluphekayo kuleli.

URamaphosa uyingxenye yeKhabhinethi likaZuma futhi owathula ngezinqumo zikaMengameli kule minyaka eyedlule.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.