Umlilo ubulale izingane ezintathu ezigamekweni ezehlukene

2018-03-28 11:04

Cape Town - Kushone izingane ezintathu ezigamekweni ezimbili ezehlukene zokuqubuka komlilo eKapa kulezi zinsuku ezimbili ezedlule, kusho umbiko.

Esigamekweni sakamuva, kushone umfana oneminyaka eyisikhombisa ubudala ngesikhathi umuzi wakubo uthungeleka ngomlilo eKhayelitsha ngoLwesithathu ekuseni.

Okhulumela ithimba lezokutakula kuMkhandlu waseKapa, uTheo Layne, uthe: "Ingane yomfana ishe kabi yagcina ngokushona. Imbangela yomlilo ibingakaziwa okwamanje kanti amaphoyisa ombutho we-SAPS ayaphenya ngesigameko."

OLUNYE UDABA: Zizongcwatshwa ngelizayo izelamani ezishone emlilweni

NgoLwesibili, izingane zandawonye ezineminyaka emihlanu nowodwa ubudala zishonile ngesikhathi kuqubuka umlilo esitezi sesithathu emaflethini akuChestnut Way, eBelhar.

Imbangela yomlilo ayikaziwa okwamanje kepha amaphoyisa kunophenyo oaluqhubayo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.