Umlingisi uthi uphoqiwe ukuba ashiye

2018-03-14 12:30

Johannesburh - “Angiziboni ngisebenzisana nabo, ngisho nangokuzayo.”

Lawa ngamazwi enkakha kwezokulingisa uMarah Louw awasho ngemuva kokuba ethe uphoqiwe ukuba ashiye kwi-The Queen edlala kuMzansi Magic.

UMarah, obedlala indawo kaBoi Maake, uthe uxoshiwe ngemuva kokuba enqabile ukwamukela inkontileka yokuba ahole uma ebiziwe kuphela kwi-Ferguson Films.

Kodwa umdidiyeli omkhulu uShona Ferguson ngeSonto utshele iSunday Sun ukuthi uMarah akaxoshwanga.

Uthe wayesayiniswa izinkontileka ngaleso sikhathi sokusebenza.

Ekhuluma neDaily Sun, uMarah uthe akadiniwe, nakuba abanye abantu bembiza ngamaganyana.

“Sengibe kule mboni kusukela ngo-1968 ngesikhathi ngisasesikoleni samabanga aphakeme. Angikaze empilweni yami ngiyamukela inkontileka efana nale,” esho.

OLUNYE UDABA: usaziwayo usewuqalile umsebenzi wokwakha isibhedlela somdlavuza

“Ngiyawazi umsebenzi wami futhi ngeke ngivumele abantu abanezinkampani ukuba badlale ngami ngoba nakhu ngidinga umsebenzi.”

NgeSonto ufake incwadi ku-internet eveza ukuthi inkontileka yadatshulwa ngoSepthemba.

“Abantu kumele bakuqonde ukuthi incwadi ngiyiveze ngoba ngifuna ukubakhombisa ukuthi angishiyanga ngoba nginezinye izinhlelo.

“Ngiphoqiwe ukuba ngihambe kodwa angidiniwe.

“Ngiyakuqonda ukuthi abantu bakhuluma abakuthandayo ngami kodwa iqiniso wukuthi kangiphathwanga kahle. Uma ubona ukuthi aweneme emsebenzini wakho, kungcono ukuhamba.”

UMarah uthi uzobuyela kumabonakude njengoba kukhona aphezu kwakho.

Iphephanda lizamile ukuxhumana nonobhala kwi-Ferguson Films othe uShona noConnie Ferguson abekho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.