Umlingisi uthi ushiye uZalo ngoba esethole amadlelo aluhlaza

2018-01-24 19:32

eThekwini - Inkakha kwezokulingisa uLeleti Khumalo useshiye uhlelo lwensukuzonke uZalo oludlala ku-SABC 1 ngemuva kokuthola ithuba eliyingqayizivele.

Ngokusho kwakhe, uKhumalo uthi usamangele ngokuzwa amahlebezi ahlukahlukene ngokuthi kungani ashiye lolu hlelo yingakho esethathe isinqumo sokuba acacise.

“Ngizwa abantu beshwashwada izinto ezahlukene ngokushiya kwami uZalo. Sengithi ake ngithathe leli thuba ngicacise ngokuthi akukho okubi noma ukungezwani phakathi kwami nabahleli balolu hlelo.

“Isizathu esingenze ngashiya uZalo wukuthi ngithole ithuba elisha ebengingeke ngikwazi ukuliyeka,” kusho yena.

OLUNYE UDABA:Ukhuza ibuya 'uGC' kuZalo kulandela awokuxoshwa

Kuleli sonto uKhumalo uveze ukuthi uzobe elingisa ohlelweni olusha lukaDuma kaNdlovu. Igama laloluhlelo olusha, Imbewu: The Seed, kanti kulindeleke ukuba luqale ngo-Ephreli ku-e.tv.

"Nganikwa indawo yokulingisa, ngale kwalokho ngathola ithuba lokuba ngomunye wophrojusa lwalo lolo hlelo,” kuqhubeka yena.

Uthi lokhu kumthokozise kakhulu ngoba kuzokuba ngokokuqala ngqa empilweni yakhe eba yingxenye yethimba elihlelayo, kubika iSowetan.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.