Umlingisi uthi wabekwa icala lokushayela ephuzile ngephutha

2017-06-28 12:31

Johannesburg - Umlingisi weGenerations: The Legacy uLetoya Makhene odlala indawo kaTshidi, uthi wathweswa icala lokushayela edle amanzi amponjwana ngephutha eminyakeni emibili eyedlule ngoba kukhona owayesebenzisa izincwadi zakhe zokushayela.

Kusolakala ukuthi uMakhene waboshwa eBramley, eGoli, ngecala lokushayela ecwile ezinkambini zikaFaro ngo-2015.

Kodwa lo mlingisi, ongumculi aphinde abe yisangoma, uthi umsulwa njengoba ethi izincwadi zakhe zokushayela zazisetshenziswa omunye umuntu, hhayi yena.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele umsakazi obanjwe ‘eshayela ephuzile’

Nakuba kunjalo, akazange alidalule igama lalo muntu.

"Umuntu ofana nami owayesebenzisa izincwadi zami zokushayela kanye nemoto yami, loyo muntu njengamanje usesibhedlela sabagula ngokomqondo."

UMakhena uthi lo muntu ufana naye kodwa akafuni ukusho ukuthi ngabe ungudadewabo noma isihlobo sakhe na.

Ngokusho kukaMolefe Mogodi okhulumela amaphoyisa aseBramley, icala lavulwa esiteshini samaphoyisa, udaba lwase luxazululwa enkantolo.


 - Sunday World

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.