U-Azwidohwi Malaka obedlala indawo kaPfuluwani, unkosikazi
wesibili weNkosi uAzwindini waxoshwa ngenxa yokungazimiseli uma esebenza, kubika uShwashwi.
UMala uwaqinisekisile amahlebezi wokuxoshwa kulo mdlalo
oyintandokazi ngemuva kokuthi inkontileka yakhe ingavuselelwa.
OLUNYE UDABA:Umlingisi ulahlwe umasihlalisane wakhe emsola ngokuba nomakhwapheni
“Inkontileka yami yaphela futhi ayizange ivuselelwe. Angazi
noma ngingakubiza ngokuxoshwa emsebenzini kodwa ayikho indawo yami kulokhu.
U-Amanda Ngudle okhulumela aboMuvhango akafunanga ukukubeka
ngembaba ukuxoshwa kwalo mlingisi.
“Akaxoshwanga kodwa kulesizini akabaliwe kokwenzekayo,
indawo yakhe ayuzange ibulawe ngakhoke uma ababhala banotho oluthinta yena,
nakanjani uzobuyiswa,”kusho uNgudle.