Johannesburg - UTankiso Ralimpe,34, waseMapetla, eSoweto ugwazwe ngenxa yesibongo
sakhe asisebenzisayo.
Lomlisa kuthiwa ushaywe kabi wagwazwa ngomunye umlisa naye
ongowakwaRalimpe.
Umsolwa kumanje uboshiwe kanti ugcinwe esiteshini samaphoyisa eMoroka.
UTankiso uthi
impilo yakhe ayihambi kahle selokhu kwashona owesifazane ayemazi njengonina
ngo-1993.
Uthi amanye amalungu omndeni ambiza ngamaganyana, athi akayeke ukusebenzisa
isibongo sawo.
Funda nalolu daba: Uyavela owabiza abamnyama ngamakhafula
Umuntu omdala kulo
mndeni, uMaleshoane Ramokohelo,68, utshele iDaily Sun ukuthi uTankiso washiywa ngunina
egcekeni lakhona.
“Wafika wacela
ukusebenzisa indlu yangasese. Washiya ingane yomfana phakathi, akabange esabuya.
Umama wathi uzozikhulisela yena uTankiso.”
UMaleshoane uthi
ngemuva kokushona kukanina ngo-1993 amanye amalungu omndeni, ikakhulukazi
umsolwa, abeselokhu embiza ngamaganyana uTankiso ethi akayena uRalimpe
wangempela.
Okhulumela
amaphoyisa aseMoroka uCaptain Khoza ukuqinisekisile ukuthi kuboshwe umsolwa kanti uvelile enkantolo
ngoLwesibili.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).