UMmusi Maimane uthi abantu bamubiza uMandela omncane

2018-04-29 11:35

EGoli - Umholi weqembu eliphikisayo iDA uMmusi Maimane utshele abalandeli bakhe ukuthi inhlangano yakhe iwuloluhlobo olwalukade lufiswa wumengamei waphambilini Nelson Mandela.

UMaimane uze wathi abantu bamubiza ngoMandela omncane.

UMaimane usho lokhu ethula inkulumo yakhe kwirali ebiselokishini laseSoshanguve ePretoria kugujwa uSuku lweNkululeko ngoLwesihlanu.

"Ngifuna ukunibuza ukuthi Ngabe yikuphi iqembu uNelson Mandela abelifisa," kusho yena.

OLUNYE UDABA:I-EFF ifuna kubhekwe ukudla okudayiselwa abafundi ezikoleni ngenxa yeListeriosis

UMaimane uthi uMandela ubengeke athembele eqenjini elebela abantu okumele ngabe liyabathuthukisa.

"Uphi umbono wakhe kukho konke lokhu. Wayenombono weNingizimu Afrika efukamele wonke umuntu... iqembu elIfuna abantu bakuleli basebenze ngokubambisana ngekusasa lawo wonke umuntu," kusho yena.

"Abantu bayangifonela, abanye ababhala ju-Twitter nakuFacebook, bathi Mmusi Maimane, unguMandela omncane."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.