Umndeni usola isandla semfene ngokushona kwengane, 11

2017-07-22 10:19

Johannesburg - Umndeni wentombazane eneminyaka engu-11 ubudala isidumbu sayo esatholwa eSoshanguve uyala ukwamukela ukuthi yashokhwa wugesi ngesikhathi idlala ngezintambo zikagesi.

UNoluthando Nkosi waduka ngoMsombuluko ngemuva kokuvakashela ugogo wayo elokishini elisenyakatho yePitoli.

Isidumbu sakhe esishile satholwe ehlathini ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Ushokhwe wugesi washona owesifazane, ethi uyakhanda

Amaphoyisa athi okwamanje awanazo izinsolo zesandla semfene.

Isikhulumi uMathews Nkoadi uthe bakholwa wukuthi uNoluthando kungenzeka ukuthi wayedlala ngezintambo zikagesi washokheka.

"Sicela amalungu omphakathi ukuba ayeke ukulokhu ephazamisa ugesi ngoba kungenzeka ukuthi yikho imbangela yokushona kwale ntombazane."

Kodwa umalume wakhe uBenjamin Nkosi uthe ubenezibazi emqaleni, ezitshengisa ukuthi kungenzeka ukuthi waklinywa.

"Angigculisekile ngalokho...nithini ngalezi zibazi ezisemqaleni wengane? Ngiyacabanga ukuthi yibo ubulungiswa baseNingizimu Afrika lobu."

Amaphoyisa acele onolwazi ngesigameko axhumane nawo.

 - EWN

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.