Umndeni kaLundi ucela ukuba athandazelwe

2017-01-26 10:01

Cape Town – Abaphathi, umndeni kanye nabangani besihlabani somculo wokholo, u Lundi Tyamara, sebenxuse izakhamuzi zaseNingizimu Afrika ukuba zibeke lo mculi emikhulekweni.

Sekube ngamasonto amane selokhu uLundi angeniswa esibhedlela saseGoli nalapho exinwe khona iTB yesisu kanye nokugula okuphathelene nesibindi.

OLUNYE UDABA: EZINGENA MANJE: Kubi kakhulu kuLundi esibhedlela

“Siyawubonga umsebenzi omkhulu kanye nokunakekela abahlengikazi kanye nabasebenzi bezempilo esibhedlela asebewenzile ukuze alulame. Siphinda siyabonga ngokwesekwa okukhulu kuwo wonke amakhona eNingizimu Afrika kanye namazwe angomakhelwane,” ithimba eliphethe uLundi libeke kanjalo esitatimendeni.

“Sinxusa abalandeli bakhe, abamesekayo, abamulandelayo, abamufisela inhlanhla ukuba baqhubeke nokuthandazela ukulapheka kwakhe njengoba isimo sakhe silokhu sibucayi ngokukhathazayo. Njengamakholwa siyazi ukuthi ngokungenelela kukaNkulunkulu uzodlula kulokhu kugula,” kuqhuba lesi sitatimende.

Umphathi waLundi, u-Anele Hlazo, uthi bazolokhu bekhipha ulwazi ngesimo salo mculi.

Uqhube wathi abakazukuliphonsa ithawula ngoLundi yize noma isimo sakhe singesihle neze okwamanje. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.