Umndeni kaMugabe umataniswa nenkampani yezindiza

2017-11-01 15:59

Harare -UMengameli uRobert Mugabe nomndeni wakhe banamasheya ebhizinisini elisha lezindiza elibizwa ngeZimbabwe Airways.

Lokhu kuvezwe yiphephandaba elizimele iFinancial Gazette elibike ukuthi imithombo yalo embonini yezindiza ithi uMugabe, 93, nomndeni wakhe bamamasheya amaningi kule nkampani.

Kuthiwa le nkampani yezindiza yabhaliselwa ezweni iMauritius.

Yize le mibiko ingakaqinisekiswa kanti noNgqongqoshe wezokuThutha eZimbabwe, uJoram Gumbo, uthi ahlezi ekhona amahemuhemu ngokuthi lo mndeni uyisebenzisa kanjani ingcebo yawo ikakhulukazi njengoba umnotho untekenteke kodwa bebengakavezi lutho ngodaba lwezindiza.

OLUNYE UDABA:Sekukhona izindiza ezizohlanganisa iTheku noLundi

Amagama abantu abanamasheya awaveli kumarekhodi ale nkampani.

Kuthiwa umkhwenyana wendodakazi kaMugabe uBona, uSimba Chikore, uyena odlale indima ebalulekile ekusunguleni le nkampani okuyiyona ezokhipha amalayiseni ezindiza ukuthi zingahambela eLondon nakwamanye amazwe asempumalanga.

UChikore ungumphathi womsebenzi enkampanini yezindiza i-Air Zimbabwe, nokuyinkampani engaphansi kukahulumeni. Le nkampani inezikweletu ezilinganiselwa ku-$300 million futhi ivaliwe ukuba ingasebenzisana namazwe ase-EU.

Kuthiwa inhloso yokusungula le nkampani entsha wukubalekela izikweletu zenkampani endala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.