‘Umndeni’ kaThabani Mzolo uthi uthola izinsongo zokufa

2018-05-04 16:09

Umndeni waseMhlanga, enyakatho yeTheku, usuziqhelelanisile nowesilisa osolwa ngokubulala uZolile Khumalo, endaweni okuhlala kuyo abafundi baseMangosuthu University of Technology (MUT), eThekwini, kusho umbiko weNorthglen News.

Umsolwa kuleli cala, uThabani Mzolo, uvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine, ebhekene necala lokubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.

UMzolo kusolakala ukuthi wangena lapho kuhlala khona umufi eLonsdale, ngegama likamngani wakhe, wabe esefika ngaphakathi wamngqokloza ngenhlamvu washona.

Lo mndeni, okhulume neNorthglen News wacelwa ukungadalulwa, uthe uthola ukusatshiswa ngamalungu omndeni kamufi acabanga ukuthi umsolwa uyindodana yabo.

OLUNYE UDABA: Ubemamatheka enkantolo owesilisa osolwa ngokubulala uZolile Khumalo

“Siyamazi umsolwa, kepha kasihlobene naye. Samthatha sahlala naye ngemuva kokuthi ephothule umatikuletsheni sabe sesiyamfundisa ngenxa yokuthi wayephase kahle.

"Usanda kuphothula izifundo zakhe, okusho ukuthi kakusekho okusixhumanisa naye. Sesabela ukuphepha kwethu," kusho lo mndeni.

Kuthiwa umsolwa ubechoma ngezimoto zikanokusho zalo mndeni ezinkundleni zokuxhumana, enza sengathi ngezakhe.

Kubikwa ukuthi uMzolo udabuka e-Estcourt, weza eThekwini ezofunda.

Icala lakhe lizobuyela enkantolo ngomhlaka-10 Meyi.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.