Umndeni ubusalindele lukhulu kobulawe eMUT

2018-05-06 11:02

Durban - Usizi luzwa olunye emndenini wakwaKhumalo eMpaphala, Eshowe, osibekelwe yifu lokubulawelwa yindodakazi yawo ebiyisitshudeni eMangosuthu University of Technology (MUT).

Lo mndeni ubusuthembele kuyo le ndodakazi emuva kokushonelwa yizingane eziyisithupha zonke zilandelana.

ILANGA LangeSonto lifike kubo kamufi, uZolile Sthembele Khumalo, 21, obulawe ngokudutshulwa ngumsolwa uThabani Mzolo, obevele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesine, kukhona unina, uPrincess Philisiwe Khumalo, uKaMakhwasa.

Ubehlaliswe ngodadewabo, uKhethiwe Ngema, uThandi Khuzwayo noDoris Ndlovu, belusizi, kunzima nokuba bakhulume ngalolu daba.

OLUNYE UDABA:Lihlehliselwe isonto elizayo elosolwa ngokubulala intombi yakhe

Nokho bazamile ukukhuluma nathi nakuba ibame emphinjeni indaba yokudutshulwa kwendodakazi yabo abebesalindele lukhulu kuyo.

Bebengayazeli lutho indodakazi ngezindaba zokujola njengoba bona beyiyise ukuyofunda. Bebekhuluma benikezelana babuye bakhumbuzane bobahlanu.

Bathi uZolile uzalwa ngomhlaka-21 Mashi 1997, wafunda amabanga aphansi eNgedlesi Primary School, waphothula uGrade 12 eZwelithini High School eShowe ngo-2017.

Kumatikuletsheni waphasa ngesimboli iBachelor, wabe eseyokwenza izifundo zeQuantity Surveying njengoba esehlelwa yilo mshophi.

Izindaba zokwedlula kwakhe emhlabeni kuthiwa zifike ngezintatha zangoLwesithathu, zilethwa ngumngani kamufi obehlala naye endlini futhi obone umufi edutshulwa ngumsolwa.

Umngani kuthiwa ushayele ucongo uSenamile ongudadewabo kamufi abebelamana naye.

USenamile naye wehlulekile ukusazisa, wathinta abazali bakhe okuyibona abatshela onina laba esesibabbalile ngenhla, kwaba yibo ababikele umama kamufi noComfort Khumalo, onguyise kamufi," kuchaza omunye womama.

Thola udaba oluphelele kwiphephandaba ILANGA LangeSonto.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.