Umndeni ukhala ngamaphoyisa kwelokudlwengula

2017-06-06 07:13

Durban - Umndeni waseMlazi usola amaphoyisa ngokudembesela ekubopheni owesilisa osolwa ngokudlwengula indodakazi yawo.

UZakithi Zunyeni ongudadewabo wesisulu utshele abe-Eyethu KZN ukuthi wazithela phezu komsolwa ezama ukucasha ngaphansi kombhede enqunu ngosuku lwesigameko.

"Umsolwa ungumakhelwane wethu futhi ujwayele kakhulu ekhaya. Ngosuku lwesigameko ngaphaphama ngezintathakusa ngivuswa wukuthi kucinyiwe egumbini lethu lokulala, kanti thina asiwucishi ugesi uma silala. Ngabona udadewethu edindilize phansi, enqunu.

“Uma ngiqalaza ngisathuswe yilokho ngabona umsolwa ezama ukucasha ngaphansi kombhede ngavele ngamemeza maqede wacela empunzini khona enqunu,” kusho uZunyeni.

OLUNYE UDABA:Ubanjwe namaphenti obezama ukudlwengula

Uthe bavula icala esiteshini samaphoyisa Kwa-GG khona eMlazi. Udadewabo wasiwa kudokotela owaqinisekisa ukuthi ulwenzile ucansi.

Umama wesisulu uFikile Zunyeni uthi amaphoyisa awazange azixake ngokuthi abazise ngokuqhubeka ngecala, kunalokho yibona bengumdeni abazihluphayo.

“Sekuthiwa icala liphelile, umsolwa uhamba echoma ethi uma ngabe enze icala akaboshwa ngani pho. Yena wayevumelene nendodakazi yami.

“Lokhu kungiphathakabi njengoba uma kuvezwa amantombazane ahlukunyezwayo kumabonakude kuvusa amanxeba endodakazini yami," kusho lo mama.

UCaptain Carmen Rhynes wamaphoyisa akwa-GG eMlazi uthi amaphoyisa enza konke okusemandleni ukusiza isisulu. 




Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.