Umndeni ukhala ngongeniswe esibhedlela wagulela ukufa

2016-05-10 14:30

Pretoria – Umndeni waseSunnyside sekudingeka ukuba ulale esibhedlela eceleni kamama ogula kabi.

Lokhu kungemuva kokuba bebecabanga ukuthi izikhulu zesibhedlela zizongenelela njengokwesithembiso ngesimo sempilo kaTryphina Mkwe ongeniswe esibhedlela maqede wagula kakhulu kunakuqala, nangezinsolo zokuthi uyahlukunyezwa.

Kodwa kunalokho umndeni uthi isibhedlela sesibatshele ukuthi abafike namaphoyisa, nabameli noma babikele uNgqongqoshe uma benganelisekile.

Funda nalolu daba: Lihlehlisiwe elowathumba ingane esibhedlela

Umndeni uthi ngeSonto ekuseni waziswe  yisibhedlela ukuthi akukho ekusangenziwa ngalo mama ongeniswe esibhedlela kusolwa ukuthi une-jaundice.

Indodakazi yalo mama, u-Enika Pitso, ithi batshelwe ukuthi umama wabo usenesifo somdlavuza kanti futhi nezinso zakhe azisasebeni, ngalokho akukho abangakwenza.

Kuthiwa lo mama ungene esibhedlela ezihambela ngezakhe izinyawo kodwa manje akasakwazi kwenza lutho.

Okhulumela uMnyango uSteve Mabona uthi bakhathazekile ngezinsolo abazitholayo, kubika iPretoria News.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.