Umndeni ukhokhe u-R20m ukuze kudedelwe obethunjiwe - Umbiko

2017-10-02 09:19

Cape Town – Umndeni kasomabhizinisi waseWoodstock, owathunjwa izinyanga ezingaphezu kwezimbili, kudingeke ukhokhe imali engu-R20 million ukuze ezobuya ephephile.

Kukholakala ukuthi imali engu-R20 million ikhokhiwe ukuze uSadeck Zhaun Ahmed, 71, ongumnikazi weZhauns Business Opportunity Machines ezodedelwa kulandela ukuthunjwa kwakhe ekuSalt River Main Road ngoJulayi 25.

Umthombo osondelene nomndeni utshele iDaily Voice ukuthi abathumbi baqale bafuna imali engu-$3.3m (R44m) ukuze bezodedela u-Ahmed.

“Kulandela ukuxoxisana nomndeni ka-Ahmed, owatshela abathumbi ukuthi awunayo imali engako, yabe isiyehliselwa ku-R20m imali efunekayo,” kusho umthombo ngeSonto.

OLUNYE UDABA: Kushone abantu abangu-5 engozini eyenzeke ku-N3

Kuthiwa isizathu esenze kwathatha isikhathi eside kangaka ukuba adedelwe u-Ahmed ukuthi umndeni wakwazi ukuhlanganisa kuphela u-R18m kanti ubusafuna-ke omunye u-R2m obushoda.

Umthombo uthi enye yamadodana ka-Ahmed iyona ebixoxisana nabathumbi kusukela kwathunjwa uyise.

Amaphoyisa noma umndeni awuzange uyiqinisekise kodwa indaba yokuthi u-Ahmed wadedelwa ngemuva kokuba sekukhokhwe u-R20m.

Okhulumela amaphoyisa, uFC van Wyk, ngeSonto uthe bona abangakuqinisekisa nje wukuthi usededeliwe, wahlangana nomndeni wakhe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.