Umndeni uphika eyezidakamizwa ngobulawe kwaMax

2016-08-17 10:00

Durban – Umndeni kaMlungisi Chiliza odutshulwe abantu abangaziwa washona ngaphandle kwendawo yobumnandi, iMax’s Lifestyle, eMlazi, uphika eyokuthi ubeshushubisa izidakamizwa.

Udadewabo kankosikazi kamufi, uThobeka Dubazane, uthe nabo abazi ukuthi umlamu wabo ubulaweleni ngoba uphume ekhaya ethi uyoba nomhlangano ngezebhizinisi, kubika iSolezwe.

“Uthole ucingo kumuntu othe ucela bahlangane ukuze bezokhuluma ngebhizinisi. Umufi udutshulwe esathi uyehla emotweni. Sisola umbango wamathenda,” kusho uDubazane.

OLUNYE UDABA: Umunyu kubulawa umuntu eMax’s Lifestyle

“Okwezidakamizwa asikwazi futhi yinto engekho ngoba lapha ekhaya asizwani nento ebheke eceleni. Abantu bayathanda ukukhuluma kabi uma bebona umuntu ephumelela,” esho.

UChiliza ubulawe ngoMsombuluko ehamba nomngani wakhe uSibusiso Mnyandu.

Owamaphoyisa uLieutenant Colonel Thulani Zwane uthe bekungakaboshwa muntu mayelana nalesi sigameko.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.