Umndeni ushaqekile ngokubulawa kwesekela likathishanhloko esikoleni

2017-09-27 09:33

Johannesburg - Umndeni wesekela likathishanhloko elidutshulwe labulawa eDalinceba Primary School eDuduza e-East Rand esifundazweni iGauteng uzwakalise ukushaqeka ngesigameko.

Abasolwa kubikwa ukuthi bangene emagcekeni esikole bezenza abantu abazolungisa ugesi onenkinga.

Ngesikhathi isekela likathishanhloko liphuma ehhovisi lizobuza kahle ngabazokwenza, libe selidutshulwa amahlandla amaningi lashonela khona endaweni yesigameko.

Amaphoyisa aseqalise ukuthungatha abasolwa abane.

OLUNYE UDABA: Ivelile indoda esolwa ngokubulala intombi

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi uhambele isikole nomndeni ngoLwesibili.

Umfowabo kamufi omdala uthe basathukile namanje ngokwenzekile.

"Ngishaqekile, angikwazi nokukhuluma. Inhliziyo yami ibuhlungu. Ubengenabo abangani noma izitha. Kasiyazi imbangela yalokhu.”

  - SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.