Umndeni uthi sengathi angasha esihogweni umfundisi waseThekwini

2016-05-06 16:00

Durban - Umndeni kaChantal Pienaar, owadlwengula wase egwazwa eshona nguMfundisi uLungisani Mafu nabanye ayehamba nabo, uthi awusoze wamxolela lo mfundisi waseThekwini.

UMafu, owaduma ngezinkulumo ezakhayo ayezethula kuKhozi FM, wadlwengula wabulala uPienaar ngo-1999 enabanye abasolwa abane base bethatha isidumbu sakhe basilaxaza kujantshi wesitimela eBluff.

NgoMgqibelo uMafu uxolisile emndenini kaPienaar ngesikhathi eqopha i-DVD yakhe yezinkulumo ezakhayo eThekwini Community Church, kepha umndeni kamufi ubungekho.

Umzala kaPienaar, uFrikkie Morris, uthumelele iDaily Sun i-email wathi umndeni awusoze wamxolela uMafu.

“Ngiyoze ngiyongena egodini ngingamxolelile uLungisani ngento ayenza kumzala wami owayeneminyaka engu-20 ubudala ngesikhathi ebulawa ngesihluku.

OLUNYE UDABA: Umfundisi waseThekwini uthi uyazisola ngokubulala owesifazane

“Wayesanda kubeletha ngomthungo, kepha phezu kwalokho bamdlwengula base beyamgwaza yize ayesezinhlungwini. Ngifuna ashe kwalasha,” kubhala uMorris.

“Base bebeka isidumbu sakhe kujantshi khona sizoshayiswa yisitimela, ngenhlanhla umshayeli wesitimela wasibona. Kuyanginyanyisa ukuthi uzibiza ngomfundisi.”

UMafu uthe yena unembeza wakhe awulamhli futhi ngeke awuphoqe umndeni ukuba umxolele ngoba watshengisa ukuzisola enkantolo walivuma icala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.