Umndeni uveze usizi lukaRobbie elwa nomdlavuza

2017-12-27 16:00

eGoli - Umfowabo kaRobbie Malinga ngoLwesithathu uqinisekise ukuthi lesi sikhondlakhondla somdidiyeli wengoma besinefo somdlavuza i-pancreatic cancer futhi usesigabeni sesine.

Kuthiwa kwatholakala ngoJuni wangonyaka odlule ukuthi unalo mdlavuza nokunguwona obumfaka umkhipha esibhedlela esikhathini esiningi.

Ekhuluma kwisithangami sabezindaba eduze komuzi kaRobbie, umfowabo uBheki Malinga uthe umfowabo ubesehluleka ukuhamba kanye nokudla ngezinsuku zakhe zokugcina, futhi ubesekhulumela phansi. Kukho konke lokhu, wayenika umndeni wakhe ithemba lokuthi kuzolunga.

OLUNYE UDABA:LALELA: Namuhla sikhumbula iBhova likaDikadika

Kuthiwa umndeni kanye nabangani abebesondelene naye kuphela abebazi ngalokhu kugula kwakhe, kodwa umkakhe u-Anne uyena obanike igunya lokuba bakuveze lokhu ukuze kwaziwe ukuthi alikho ihlazo ngokuba nomdlavuza.

Lo mndeni uthi yize ubuwazi ukuthi ukufa kuyeza ngemuva kokuthola ukuthi unoMdlavuza, kodwa kubathusile ukushona kwakhe ngoKhisimuzi.

"Sisashaqekile, kodwa kumele siqine, senzele umkakhe kanye nezingane zakhe,"kusho udadewabo kamakoti.

Lo mculi wayememe abangani abebesondelene naye kanye nomndeni ngokhisimuzi. Wacela umuba umfowabo amphendule amfulathele abantu ngoba bafika sekuhambe isikhathi nokuyilapho aphefumula khona okokugcina.

Kwenzeka lokhu-nje wayesanda kuthatha iholidi eMaldives ngoNovemba, kwamqinisa kakhulu ukugula sebebuyile.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.