'Umndeni wakwaZuma awuzona izinjinga'

2016-07-03 14:02

Johannesburg - Umfowabo kaMengameli Jacob Zuma, uMichael nendodana yakhe u-Edward, sebeveze ukuthi umndeni awuzona izicebi futhi ngeke ukwazi ukusiza umengameli akhokhe.

Basho lokho bebhekise emalini ebalelwa ku-R7.8-million ekumele ikhokhwe uZuma kulandela ukulungiswa komuzi wakhe oseNkandla, kubika iSunday Times.

Kuthiwa nezinjinga ezingosomabhizinisi ezazithembise ngokumsiza sezihudula izinyawo ngoba zithi zona azikho ezizokuhlomula ngoba uZuma useyaphuma esikhundleni.

Yize lo mndeni uthi wona "awunayo imali", ezinye izingane zikamengameli - oDuduzane, Duduzile, Gugulethu noMxolisi — zingosomabhizinisi.

OLUNYE UDABA: Sebehudula izinyawo abathembisa ngokusiza umengameli Zuma - Umbiko

UDuduzane eyedwa unamasheya ezinkampanini ezibalelwa kweziyisithupha, alinganiselwa emakhulwini ezigidi zamarandi, kanjalo noKhulubuse Zuma ungumacaphunakusale.

"Asiwona umndeni ocebile, ukube besinothile ngabe sibayisa ezinkantolo abantu abasilwisayo. Sisebenza kanzima ukuthola lokhu esinakho. Siyaziphantela," kusho u-Edward, onenqwaba yababhizinisi.

Umfowabo kamengameli uMichael uthe umndeni wesabela ukuthi uZuma angase aphinde abekwe amacala enkohlakalo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.