"Umngani kaZupta akumele abeyilungu lePhalamende"

2017-02-18 13:31

Cape Town – IDemocratic Alliance ithi uBrian Molefe akumele abeyilungu lePhalamende ngoba igama lakhe alikagezeki kulandela izinsolo ezavela embikweni kaThuli Madonsela weState Capture.

"UBrian Molefe akumele abeyilungu lePhalamende. Ungumngani ‘kaZupta’ osolwa ngenhlohlakalo,” kusho usotshwebhu weDA uJohn Steenhuisen.

"Lokhu kuqhubezela phambilini izinsolo zokuthi uMolefe ubheke isikhundla kwezezimali, nokuthi sekuseduzane kwenziwe izinguquko kwiKhabhinethi, ngaphambi kwezinsukwana nje uPravin Gordhan athule isabelomali."

OLUNYE UDABA: Bazohlala ebumnyameni ngenxa yesikweletu sikaMasipala

Uthe ukuphakanyiswa kwegama lakhe kuqinisekisa ukuthi i-ANC ayinandaba nokulwisana nenkohlakalo.

"Empeleni, kubukeka sengathi maningi amathuba okuba uthuthuke kwi-ANC uma usolwa ngenkohlakalo.”

UMolefe owesule njengesikhulu esiphezulu kwa-Eskom ngonyaka odlule, uzofungiswa njengelungu lePhalamende, kuqinisekise iPhalamende ngoLwesihlanu.

UMolefe uzothatha uzomela usifundazwe iNorth West ePhalamende.

- ANA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.