Umngani usolwa ngokudlwengula ingane umama esemjuxuzweni

2017-05-24 10:59

Cullinan - Intombazane eneminyaka engu-11 ubudala kusolakala ukuthi idlwengulwe yabulawa wumngani kamama wayo ngoMsombuluko ekuseni.

Lokhu kwenzeke endaweni yaseRefilwe, eCullinan.

Lo mama obedinda esikaNandi ekhala ngokuthi ukube akahambanga wayozijuxuza eshiya izingane zakhe zodwa, ngabe indodakazi yakhe isaphila.

Ngokusho kwakhe uPaulina Ngobeni, etshela abephephandaba i-The Citizen ngoLwesibili, wazikhipha nabangani bakhe ngeSonto ebusuku beya ethaveni.

Washiya indodakazi yakhe uLethabo Ngobeni, 11, kanye nezinye izingane zakhe ezincane ekhaya.

“NgeSonto ebusuku ngashiya lo mlisa osolwa ngokubulala ingane yami ethaveni ngahamba ngayolala kubo kwesoka lami.

"Ngavuka ekuseni ngosuku olulandelayo ngaya ekhaya kodwa ngathola ingane yami ingekho. Udadewethu wangitshela ukuthi uthume uLethabo ukuba ayongicinga ngaphambi kokuba aye esikoleni,” kusho lo mama ekhala.

Umalume kaLethabo, uLesiba Ngobeni, uthe le ngane ebifunda uGrade 5 ibithunywe emzini kamsolwa nokuyilapho unina egcine ukubonakala khona.

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe owesimame kwashaywa indoda kudunwa imoto

UPaulina uthi ubecabanga ukuthi indodakazi yakhe isadlala nabangani bayo, kodwa umalume wengane wabatshela ukuthi abayobheka ingane ngoba ayikaze ibuye njengoba beyithunyiwe.

Befika kulo muzi umsolwa wanqaba ukubavulela nokuphethe ngokuthi umamncane wengane aphahlaze amawindi.

“Uthe ewuvula umnyango, umsolwa uvele waphuma wabashiya kanjalo nokuyilapho bebone khona ingane idindilizile phansi iphuke intamo,” kuqhuba uPaulina.

Okhulumela amaphoyisa uConnie Moganedi uthe kuthungathwa umsolwa ngecala lokudlwengula nokubulala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.