UMngxitama neBLF bavinjwe onogada emcimbini wabezindaba

2017-08-03 12:31

Cape Town – Amalungu eBlack First Land First (BLF) azame ukungena emcimbini obuhlelwe yiDaily Maverick eCape Town International Convention Centre ngoLwesine, kodwa bavinjwa onogada.

Umholli we-BLF, u-Andile Mngxitama, utheleke kulo mcimbi we-website yezindaba iDaily Maverick, owaziwa nge-"The Gathering”, phezu kwesivimbelo senkantolo esivimbela leli qembu ukuba liqhubeke nokuhlukumeza abezindaba.

UMngxitama uye wavinjwa onogada esangweni lale ndawo obekuqhubeka kuyo umcimbi. Ube esethula inkulumo kwiqeqebana labantu ebelihlanganyele buqamama nalapho obekubanjelwe khona umcimbi.

“Anisinikezi ilungelo lokuphendula. Silapha ukuzokhuluma ngendlela ehlelekile neDaily Maverick kanye namaBhungane, abaqamba amanga, futhi bakhiqiza izindaba izingumbombayi,” uMngxitama usho kanjalo, ephethe nokokuphuza i-coffee okumhlophe ngesandla.

OLUNYE UDABA: Sekufakwe isicelo esiphuthumayo ukuze kuboshwe u-Andile Mngxitama we-BLF

Uphinde wathi abezindaba bahubhuza amanga ngokuthi leli qembu likhokhelwa abakwaGupta.

“Buphi ubufakazi? Ama-emails awasibona ubufakazi,” usho kanjalo, echitha ubuqiniso bama-emails aputshuka athinta umndeni wakwaGupta, ama-#GuptaLeaks.

Ugxeke labo abebemnqabela ukuthi angene ngokuba “ondlovukayiphikiswa”, wabe esefuna ukuthi kubuye imali yakhe konogada, nabangazange bayingene indaba yakhe.

Alinganiselwa kwayisithupha amaphoyisa afike endaweni yesigameko. Imizamo yeBLF ibonakale ishabalala, kwaba nokuthula endaweni yesigameko, kodwa bebesaqhubeka nokufuna ukuthi kubuyiswe imali yabo.

I-BLF kanye nabaholi bayo bavinjwa iNkantolo eNkulu yaseGoli ngomhlaka-7 kuJulayi ekutheni basabise baphinde bahlukumeze izintatheli, kanye nokuya emakhaya ezintatheli. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.