Umnikazi weqembu lePSL usabisa ngokubopha abathi liyadayisa

2017-06-05 09:30

Johannesburg – Umnikazi weFree State Stars, uMike Mokoena, usesabise ngokubopha noma ngabe ngubani osabalalisa amahlebezi okuthi leli qembu lisendalini.

UMokoena  utshele iCity Press ukuthi lama hlebezi aphazamisa izinhlelo zeqembu zesizini ezayo njengoba sekunzima nokuheha abadlali abasha.

“Kunomuntu othile, endaweni ethile ocekela phansi futhi osabalalisa le mbiko edukisayo ngathi. Ngifuna ukubafaka 'kwabahlanzayo' ngoba sengikhathele ukuzivikela kula mahlebezi angenasisekelo. Ngifuna ukwazi inhloso yabo ngoba lokhu akukuhle kuthina. Iqiniso ukuthi asidayisi,” kusho uMokoena nobeveva yintukuthelo.

“Ngiphazamiseke kakhulu yila mahlebezi alokhu eqhubeka. Ngicabanga ukuthi kunomuntu odlala umdlalo ongcolile ngathi.

“Angikaze ngiyiphathe eyokudayisa kunoma ngabe ubani. Ukudayisa akukho ohlelweni lwethu, ikakhulukazi kulo nyaka. Uhulumeni waseFree State usanda kusinika u-R2 million futhi uNdunankulu uhlanganisa ithimba ukusisiza sithole abaxhasi. Manje sekuyilokhu,” kusho uMokoena.

OLUNYE UDABA: Elinye iqembu lePSL liphika ‘ukudayiselwa’ iziququma zaseThekwini

Ngaphambilini kuye kwaba nemibiko yokuthi umndeni waseThekwini ongomacaphuna kusale wakwaMpisane usuyaziphothula izinhlelo zokuthenga iStars ngezigidi zamarandi. 

UMokoena ukhala ngokuthi lama hlebezi ayalilimaza kakhulu iqembu kanye nesithombe salo.

Uthi bona bafuna ukwakha iqembu eliqinile elizoba sembangweni wezicoco ngesizini ezayo.

Kodwa-ke uthi babhekana nezingqinamba njengoba ethi abadlali abaningi abasafuni nokuzihlanganisa naleli qembu.

“Sesihlonze abadlali abambalwa ukuqinisa iqembu lethu, kodwa abanye babo bamanqika ukuza kuthina. Basitshele ukuthi angeke bakwazi ngoba iqembu lizodayiswa maduzane – okuyinto engelona iqiniso.”

Leli qembu lithi lixoxisana nabangase balixhase futhi lizodalula izinhlelo zalo zesizini entsha maduze. 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.