Durban –
Kugwazwe umgqekezi washona ngemuva kokuhilizisana nomnikazi womuzi eWoodlands,
eThekwini, kusho umbiko wephephandaba.
Umnikazi
womuzi ubelele ngesikhathi ezwa umsindo emzini wakhe ngoLwesine, uthe uma
eyobheka wathola indoda imile ephasishi, kusho iSouthlands Sun.
Okhulumela amaphoyisa
aseMontclair, uLieutenant Dereck Vijiam uthe: “Umgqekezi ube esetshela umnikazi
womuzi ukuthi alale phansi emkhombe ngommese.
OLUNYE
UDABA: Ubhekene necala lokubulala odubule umgqekezi
“Umnikazi
womuzi ukushaye indiva konke lokho, waqonda ngqo kumgqekezi wamphuca ummese
wase eyamgwaza amanxeba amaningi,” esho.
Umgqekezi ube
eseshonela endaweni yesigameko, kusho uVijiam.
Kuthiwa lo
mlisa ungene ngewindi kulo muzi.