Umnotho wakuleli wakhiwe ngaphansi kwesisekelo sengcindezelo

2017-05-21 10:59

Durban -Lawa ngamazwi kaNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba ngesikhathi ethula inkulumo yakhe esifundweni senqubomngomo yezomnotho esihlelwe wuphiko lwentsha ku-ANC kwaZulu-Natal.

UGigaba uthe ukungalingani kwabantu emphakathi wuphawu lokuthi izwe alikaphumi kwingcindezelo yezomnotho, kubika i-The Citizen.

“Ngo-1993 savumelana ngokuthi amandla azokwabelwa namaqembu afana ne-National Party kanye neNkathi Freedom Party ukuze nawo abambe iqhaza elibalulekile kuhulumeni omusha,”kusho uGigaba kulesi sifundo ebesibanjwele ePinetown.

“Kwavunyelwana ngokuthi abaqhubeka nokuba nombono kwezomnotho. UKhongolose wazigcina lezo zethembiso kodwa manje sekufike isikhathi soshintsho. Lesi sekuyisikhathi sokuthi sizibeke thina kuqala,”kuqhubeka uGigaba.

OLUNYE UDABA:Ukukhishwa kwaZuma kuzokhulisa umnotho – Pityana

Lo Ngqongqoshe uthe umnotho uphethwe ngabantu abayingcosana futhi lokhu kubonakala nangenqwaba yezinkampani eziphethwe ngabantu abambalwa futhi yibona labo bantu abagcina bezuza kakhulu ngezinhlelo zezomnotho.

“Lokhu kusho ukuthi umnotho wethu usakhiwe ngaphezu kwesisekelo sengcindezelo, kusukela kuhulumeni wonxiwankulu.

“Uma sifuna ukuguqula umnotho wethu kumele sizibuze ukuthi yiziphi izinyathelo okumele sizithathe ukuze sizuze inkululeko kwezomnotho,”kusho uGigaba.

UGigaba uqhubeke wathi zincane izinkampani zabansundu esikhungweni i-JSE, lezi zinkampani zingaphansi kwamaphesenti amahlanu.

“Angikuvezi lokhu ngoba ngifuna ukunicasula, kodwa ngizama ukunibonisa ukuthi asilingani,”kuqhubeka yena.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.