UMnyango udlulise awenduduzo kwesomhlengikazi wase-KZN obulawe yisoka

2017-11-24 18:00

eThekwini - UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uDkt Sibongiseni Dhlomo udlulise amazwi enduduzo emndenini womhlengikazi obulawe yisoka lakhe esemsebenzini ngoLwesine.

Lo mhlengikazi uhlaselwe esemsebenzini esegunjini lokuhlola iziguli emtholampilo iNdaleni Clinic, eRichmond.

Kuthiwa lo mlisa ogamalakhe nguThemba Bhengu ubesebenza njengomabhalane esibhedlela iGreys eMgungundlovu, udubule lo mhlengikazi obeyingoduso yakhe wabe eseyazidubula naye.

Lesi sigameko senzeka nje sekuzoqala umkhankaso wokuqwashisa umphakathi ngokulwa nodlame olubhekiswe kwabesimame nasezinganeni i-16 Days of Activism Against Women and Children.

OLUNYE UDABA: BUKA: Unesi 'ehlukumeza' isiguli esibhedlela esisePinetown

Lo mhlengikazi ogama lakhe nguNomusa Angel Ngcongo, 35, ongowaseS’lahla, waqala ukusebenza kulo mtholampilo ngo-2012 esuka esibhedlela iGreys.

UDlomo uthe: “Sishaqeke kakhulu ngalokhu okwenzekile, futhi okubuhlungu kakhulu wukuthi lokhu kwenzeka ngesikhathi lapho uhulumeni eqinisa khona imikhankaso yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesimame nasezinganeni."

UNgcongo ubengenazo izingane kanti ubehlala nomama wakhe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.