UMnyango udlulise awenduduzo 'ngababulawe' ngunogada emtholampilo oseMlazi

2018-01-29 14:01

Durban - UNgoqngqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhomo, usedlulise amazwi enduduzo emindenini yabaphathi ababili abebesebenzela i-KSA Security abashone ngemuva kwezinsolo zokuthi badutshulwe ngunogada.

Lesi sigameko kuthiwa senzeke emtholampilo oseMlazi, esigcemeni sakwa-U, ngoMgqibelo ebusuku.

Kukholakala ukuthi la baphathi bafike kulo mtholampilo bezobheka lo nogada, kepha bangamthola la esebenzela khona. Kuthe uma efika kwaqubuka ingxabano okusolakala ukuthi kube yilapho lo nogada ebe eseyabadubula.

"Omunye wala baphathi ushonele endaweni yesigameko, kwathi omunye washonela esibhedlela," kusho isitatimende soMnyango.

Umsolwa kulindeleke ukuba avele enkantolo ngoMsombuluko (namuhla).

OLUNYE UDABA: UMnyango udlulise awenduduzo kwesomhlengikazi wase-KZN obulawe yisoka

Kwesinye isigameko esenzeke ngoLwesihlanu ebusuku, kushone owesilisa odutshulwe ngonogada ezama ukugqekeza eKing Dinuzulu Hospital. Abehamba naye zibe seziyamkhalela, kanti kulindeleke ukuba avele enkantolo ngoMsombuluko.

UDhlomo ube esedlulisa amazwi enduduzo emindenini yabaphathi bonogada: "Kubuhlungu kakhulu ukulahlekelwa ngale ndlela njengoba kulesi sigameko kusolwa umuntu obekumele engabe nguye ovikela impahla kahulumeni kanjalo nala bantu okusolwa ukuthi ubabulele.

"Sifisa sengathi umndeni ungaqina idolo kulesi sikhathi esinzima, futhi siyethemba ukuthi umthetho uzoyidlala indima yawo," esho.

Uthe udaba lwaseKing Dinuzulu lutshengisa ukuphela kwesimilo emphakathini njengoba abantu sebekwazi ukugqekeza izikhungo zezempilo.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.