UMnyango ugxeka imicimbi yabafundi 'iPens Down'

2016-11-24 11:28

Pretoria – UMnyango wezeMfundo KwaZulu Natali usuxwayise ngalokhu okubizwa ngamaphathi “okubeka phansi amapeni” navamise ukudla lubi kubafundi ngalesi sikathi sonyaka.

Lo Mnyango uthi imicimbi lapho abafundi, ikakhulukazi abenza umatikuletsheni, bebungaza ukuqedwa kokubhalwa kwezivivinyo noma ukubhalwa kwephepha lokugcina onyakeni, kugcina sekuholela ezingozini eziba yizinhlekelele.

OLUNYE UDABA: Abafundi 'badakwe' bayogwazana enkonzweni

Ngokujwayelekile le micimbi ibandakanya ukusetshenziswa kwezidakamizwa kanye notshwala, nokugcina sekuholela ezigamekweni zokwenza ucansi budlabha kanye nezinye izinkinga.

UNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo KwaZulu Natali, uMthandeni Dlungwane, usenxuse abafundi ukuba baziqhelelanise nezenzo ezifana nalezi.

“Akuwenzi umqondo ukuthi umfundi achithe iminyaka engu-12 esohlelweni bese ezolahlekelwa yimpilo yakhe ngemuva kokubhala isivivinyo sokugcina.

“Ukuqeda uGrade 12 akusiso isiphetho, kodwa kumele kube yizinkomba zokuqala kwekusasa aliqhakazile kunoma ngabe yimuphi umfundi. Siphinde sinxusa abazali ukuthi baqaphele futhi baqinisekise ukuthi baqapha ukuthi izingane zabo zikuphi ngalesi sikhathi,” kusho uDlungwane.

Uphinde wanxusa nabafundi ukuba bayeke umkhuba wokucekela phansi imifaniswano yabo yesikole, wathi kungcono banikele ngayo kubafundi abaxakekile ukuze bayisebenzise. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.