UMnyango uphenya ngelowesifazane wakuleli okuthiwa 'utholakale' eNigeria

2017-08-17 14:01

Durban - AboMnyango wezokuXhumana kwamaZwe balandela imibiko yakamuva ethi owesifazane odukile obenza izifundo zakhe e-University of Zululand, uMbali Gumede, utholakale eNigeria.

OwoMnyango, uNelson Kgwete, uthe sebeyalele indlu yenxusa eseLagos ukuba ilulandele lolu daba futhi isebenzisane neziphathimandla zaseNigeria.

"ISouth African High Commission eLagos, eNigeria, iyayilandela le mibiko yalo wesifazane waKwaZulu-Natal owathunjwa, isebenzisana namaphoyisa aseNigeria. Bazosazisa ngeminye imininingwane uma iqhamuka," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Umehlokaboni ka-R100 000 ngokubulawa komfundi wasoNgoye

Khonamanjalo, umndeni kaGumede utshele abezindaba zeNewswatch ukuthi ukufunwa kwelungu lomndeni elineminyaka engu-23 ubudala kuyaqhubeka.

Udadewabo kaGumede, uTobo Mthembu, uthe bathola umyalezo enkundleni yezokuxhumana uFacebook, othi uGumede utholakale esibhedlela esiseNigeria.

Uthe basalinde ukuba le mniningwane iqinisekiswe. UMthembu wawuthumelela amaphoyisa lo myalezo okuyiwo axhumana noMnyango ukuba ulekelele.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.