UMnyango usule ‘inyunyana engumbhombayi’ eyamaniswa noZuma

2017-01-20 14:31

Johannesburg – UMnyango wezemiSebenzi ususule ukubhaliswa kwenyunyana yabasebenzi ‘engumbombayi’ eyamaniswa noMengameli Jacob Zuma kanye nezikhulu ezingaziwa zeState Security Agency (SSA).

Ngokwesexwayiso esishicilelwe kuGovernment Gazette ngoLwesihlanu, oyi-Acting Registrar of Labour Relations, uMalixole Ntelki, usekusulile ukubhaliswa kweWorkers Association Union (WAU).

OLUNYE UDABA: OLUKHETHEKILE: UZuma watshela inyunyana ukuba impimpe i-Amcu

Lokhu kulandela imibiko yokuthi i-WAU yasungulwa ngokomyalelo kamengameli Zuma, ngosizo lwezikhulu ezithile zezobunhloli.

UThebe Maswabi, ongumsunguli we-WAU, kuyimanje umangalela uZuma, uNgqongqoshe wezokuPhepha, uDavid Mahlobo, kanye nabanye ongqongqoshe abaningi mayelana neqhaza labo ekusungulweni kwe-WAU.

Ngokwamaphepha afakwe eNkantolo eNkulu yasePitoli, uMaswabi, usola uZuma ngokuthi wamyalela yena ngokwakhe ukuthi asize ekusungulweni kwe-WAU ngonyaka ka-2013.

Kuthiwa futhi uZuma uyena owajuba izikhulu zezobunhloli ukuba zisize uMaswabi asungule le nyunyana.

Kusolwa ukuthi uMaswabi waqale wathola izizumbulu zemali ayezinikezwa izikhulu zezobunhloli ukuze akhokhele izindleko zokusungula le nyunyana, kodwa le mali yabuye yanqamuka ngokuhamba kwesikhathi, nokwashiya uMaswabi ecwile ezikweletini. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.