Umnyango uxhasile ngokufihlwa kwengane ekhalakathele kwelomgodi esikoleni

2018-03-18 09:30

Johannesburg - Kugcwele intukuthelo ngesigameko sokushona kwengane, 5, ewele ethoyilethi lomgodi esikoleni eMbizana eEastern Cape njengoba izwe libungaza inyanga yamalungelo abantu.

ULumka Mthethwa ubekwe endaweni yakhe yokugcina eNyaka eVillage. Lesi isigameko sakamuva  sokushona kwengane ngale ndlela ngemuva kwaleso esenzeka eLimpopo eminyakeni emithathu eyedlule.

"Ngibuhlungu ngokushiywa yingane yami. Njengomama kuyazelwa ikakhulukazi ngendlela ahambe ngayo futhi akukho engingakwenza," kusho umama wale ntombazanyana, uMandisa Mkhethwa.

OLUNYE UDABA:Kutholwe ingane ethoyilethi lomgodi

"Ngabizwa ngisemsebenzini ngatshelwa ngokudlula kwendodakazi yami, ngangibuhlungu kakhulu. Ngisho ngiya edolobheni ngangihamba naye ngenza konke naye," kusho uBaba wale ngane, uVuyani Mkhethwa.

Umnyango wezeMfundo uxhase umndeni ngezindleko zokufihla indodakazi yakwaMkhethwa.

Kuzwakale ukuthi zingu- 2 000 izikole zase-Eastern Cape ezisebenzisa amathoyilethi omgodi. Ezingu-37 azinawo kwawona amathoyilethi.

ISouth African Human Rights Commission isiqalise uphenyo ngokushona kwale ngane.  Nangesimo esibi ezikoleni zakulesi sifundazwe.

 - SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.