UMnyango uyalele ukuba bangaqondiswa izigwegwe 'abafundi be-EFF'

2017-10-16 09:31

Johannesburg – UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngoMsombuluko uyalele uthishanhloko kanye nesigungu esengamele isikole iMaritzburg College ukuba bangaqhubeki nohlelo lokuqondisa izigwegwe abafundi abathathu, ebebephethe isikibha esinemibhalo ethi akwabiwe kabusha umhlaba.

Kuthiwa ukuqondisa izigwegwe abafundi ngalesi sikhathi sonyaka - sekusondele ukuhlolwa kwabo - kungase kubadalele ingcindezi engenasidingo.

Isithombe sabafana ebebephethe izikibha ze-Economic Freedom Fighters (EFF) emagcekeni esikole sisabalale ngesonto eledlule.

Isithombe sisuse ukukhuluma, abanye bethi abafana kumele bajeziswe, kanti abanye bebbavikela bethi banelungelo lokukhuluma ngokukhululeka.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe uzoya esikoleni 'okudlwengulwe' kusona umfundi

UMnyango uthi lolu daba kumele luphenywe kabanzi ngaphambi kokuba isikole siqalise uhlelo lokuqondisa izigwegwe.

Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo u-Elijah Mhlanga uthi: “Ngisho ngabe uhlelo luyaqhubeka, luzobe lungolwesikole nje kuphela ngoba abafundi bayaqala ukubhala izivivinyo zokuphela konyaka ngesonto elizayo, ngemuva kwenyanga bazobe sebephumile esikoleni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.