UMnyango wezeMfundo eGauteng uyaxolisa kothisha abangakaholelwa

2017-01-25 13:03

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eGauteng ngoLwesibili, uxolisile kubona bonke ababemaka amaphepha abafundi bamatikuletsheni ngo-2016 abangakaholelwa namanje, njengoba ukhala ngokushoda kwezimali.

"Kunokubambezeleka eMnyangweni ngenxa yokushoda kwezimali,” kusho uMnyango wezeMfundo eGauteng esitatimendeni.

UMnyango uthi imali izongena ngoMashi 2017, ngakho emalini ekhona okungeyezinye izinhlelo sebecele uMgcinimafa ukuba avume kusetshenziselwe ukukhokhela othisha.

OLUNYE UDABA: Ibilele ngaphansi kwetafula ingane obekuthiwa ithunjiwe

UMnyango kahulumeni wesifundazwe uthe inhloko yoMnyango u-Edward Mosuwe ikhulume nazo zonke izinyunyana izichazela ngezingqinamba ezibhekene noMnyango.

"Ngakho siyaxolisa futhi sicela bonke othisha basibekezelele njengoba sisalungisa lesi simo.”

- SABC

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.