UMnyango wezeMfundo ugxeka ukusetshenziswa kwenduku ezikoleni

2017-08-26 12:11

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ugxeke ukusetshenziswa kwenduku okwenziwa ngabanye othisha uma bebejezisa abafundi ezikoleni.

“Nakuba induku ezikoleni yavalwa ngo-1997‚ abanye othisha eNingizimu Afrika bayaqhubeka nokushaya abafundi, uma bephule umthetho,” kusho uMnyango esitatimendeni ngoLwesihlanu.

UMnyango ikhiphe isitatimende ukhuluma nge-video yemizuzu engu-17 eveza umfundi eshaywa esandleni ‘nguthisha eklasini.”

UMnyango uthe imibiko engaqinisekisiwe ithi i-video iqoshwe esikoleni esiseKZN.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe izisebenzi zedolobha ngokukwabanisa

“Silindele ukuba abafundi abathintekayo kulolu daba babikele abazali babo ngesigameko, abaqaphi babo, omunye uthisha noma umuntu abamethembayo," ngokusho kwesitatimende.

“Izisulu zingabikela nothishanhloko ngesigameko ukuze kuzophenywa. Uthishanhloko kumele abikele uMnyango wezemfundo, ukuze wona uqalise uhlelo lokuqondiswa kwezigwegwe kwabephula umthetho.”

Uma lokhu kushaywa indiva, xhumanani noMnyango wezeMfundo ngqo noma nibikele i-Child Protection Unit of the South African Police Services, kuvulwe icala.

“Kunomehluko phakathi kokujezisa nokuqondisa izigwegwe,” kusho uMnyango esitatimendeni, kubika iSowetan Live.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.