UMnyango wezeMpilo eKZN uchitha izinsolo ezibekwe yisiguli

2017-01-18 07:11

Durban – UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal usuchithe izinsolo ezenziwe ngowesilisa wasePinetwon zokuthi waphathwa kabi esibhedlela sikahulumeni eThekwini.

Engxoxweni ekhethekile abenayo neNews24, uRiaan van der Westhuizen uchaze ngendlela aphathwa kabi ngayo e-RK Khan Hospital ngesikhathi elimale kabi esehlakalweni sokudunwa kwemoto.

Uthe washiywa enganakwe muntu amahora amabili lapho kwamukelwa khona iziguli, waze wanakwa eseqala ukuba nezinkinga zenhliziyo.

Uphinde wakhala ngamanesi angawazi umsebenzi nangamawadi angcolile.

OLUNYE UDABA: Zibakhalele ababanjwe nensangu ka-R500 000

Okhulumela uMnyango wezeMpilo uSam Mkhwanazi uthe izinsolo azihlangani nemininingwane ebhalwe kwifayela lesiguli.

"Kodwa noma kunjalo, ngenxa yokuthi imininingwane yesiguli iyimfihlo, umphakathi ngeke uthole imininingwane egcwele ngalolu daba ngenxa yokuthi uMnyanga ngeke ukwazi ukudalula konke, ngaphandle uma ugunyazwe wumthetho,” usho kanje.

"UMnyango wazisiwe ngabaphathi besibhedlela ukuthi lesi siguli sangeniswa esibhedlela emasontweni amathathu edlule kanti namanje sisathola ukunakekelwa okusezingeni eliphezulu,” kusho uMkhwanazi.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.