Umnyango wezokuVakasha unamasu amahle okulwa nokwentuleka kwemisebenzi

2018-05-10 16:01

eThekwini - Umnyango wezokuVakasha kuleli ube nemihlangano lapho bekuhlanganiswe khona osomabhizinisi nalobo ababamba iqhaza kule mboni engqungqutheleni ye-Travel Indaba.

Kulokhu, lo mnyango weseke ukusungulwa kuhlelo olusha lwe-National Tourism Careers Expo (NTCE) oluzokwethulwa edolobheni Mahikeng, North West kusukela ngomhlaka 28 kuya ku-30 Septhemba 2018.

Lolu hlelo lwenzelwe ukuqoqela ndawonye ulwazi nemininingwane ebalulekile ezokwenza kuvaleke isikhala esivulekile kule mboni kanye nabafundi.

INTCE inikezela ngamathuba okuqwashisa ngamathuba akhona kule mboni kanye nemisebenzi eyenziwayo.

Lokhu kuzonika nabafundi asebathweswa iziqu kodwa abahleli emakhaya bengasebenzi ukuba baxhumane nalabo abangaba ngabaqashi babo bakusasa.

OLUNYE UDABA:'Isikweletu sika-R1bn sokudla sakwaPnP sitshengisa ukushuba kwesimo somnotho'

"Kusukela ngokusungulwa kwalo lolu hlelo ngonyaka ka-2008, iNTCE idlondlobala unyaka nonyaka futhi iyabonakala nasemicimbini emikhulu yezokuvakasha.

"Ngalolu hlelo sikwazile ukuba sivulele abafundi abangu-25 000 amathuba okusebenza kule mboni kanti sinethemba lokuthi lesi sibalo sizokhula ngokwedlulele phakathi kuka-2018 kuya ku-2020,"kusho iPhini likaNgqongqoshe wezokuVakasha u-Elizabeth Thabethe.

I-NTCE wuhlelo lwalo mnyango olusebenza ngokubambisana nabe-Culture Arts, Tourism, Hospitality & Sport Education Training Authority (CATHSSETA), kanti kulo nyaka isifundazwe saseNorth West yisona esizobe siphethe umcimbi.

Kulo mcimbi kuzobe kukhangisa osomabhizinisi abahlukahlukene kanye nezikhungo zezemfundo futhi kukhona namasemina okukhuthaza nokuqwashisa intsha ngale mboni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.