Umonakalo odalwe yisiphepho ulinganiselwe emalini ku-R300m

2017-10-17 11:01

Durban - IMeya yeTheku, ithi idolobha lidinga imali elinganiselwe kwengu-R300 million ukulungisa umonakalo odalwe yisiphepho sangesonto eledlule.

Izindawo ezigudle eningizimu yedolobha yizo ezithinteke kakhulu, njengoba kwashona nabantu abangu-14, kwathi inqwaba yasala dengwane.

IMeya uZandile Gumede uzithola esenkingeni kumaqembu aphikisayo ngezimpendulo zedolobha mayelana nale nhlekelele.

OLUNYE UDABA:Isiphepho sesidale umonakalo ezibhedlela eziseThekwini

I-DA isola uGumede ngokungazinaki izexwayiso zesiphepho kanti i-IFP yona imsola ngokuyekelela ingqalasizinda ingekho esimweni esikahle.

Kulindeleke imibiko yokuhlolwa komonakalo kuleli sonto.

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal wona usuqedile ukuhlola umonakalo ezibhedlela nasemtholampilo esifundazweni kanti inani lokuwulungisa ubalelwa emalini engu-R100 million.

Khonamanjalo, abakwaMetrorail bayivalile imizila eminingi, ikakhulukazi ezindaweni ezisenengizimu yedolobha.

Kungathatha izinyanga ezintathu ukulungisa umonakalo odaleke kojantshi bezitimela eThekwini.


 - eNCA

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.