UMoyane uphika izinsolo zokuhlangana nomndeni wakwaGupta

2017-08-04 12:33

Pretoria – UKhomishana weSouth African Revenue Service (SARS) uTom Moyane uyakuphika ukuthi kukhona abantu bakwaGupta ake wahlangana nabo, kusho isitatimende esikhishwe yiSARS ngoLwesihlanu.

I-SARS ikuqinisekisile ukuthi uMoyane waya eDubai eminyakeni emibili edlule ngoDisemba 23, ngaphambi kokuba alibhekise ePortugal ukuyochitha amaholidi kaKhisimusi.

Isitatimende sithi uMoyane waphinde wabuyela eDubai ngoDisemba 29, ngaphambi kokuba abuyele eNingizimu Afrika ngomhlaka 8 Januwari ngonyaka odlule.

Phambilini, okhulumela i-SARS uSandile Memela walile ukuhlinzeka ngemininingwane egcwele ngohambo lukaMoyane, wathi lokho kuphambene nomgomo weSARS.

OLUNYE UDABA: Sekuphinde kwabulawa omunye umuntu ehostela

Ngokombiko we-The Times, kuma-email athinta umndeni wakwaGupta kuvela ukuthi uMoyane wahlala eDubai ngoDisemba 23 kuya kuDisemba 29.

Ngokombiko, uMoyane wayeseDubai ngesikhathi esifanayo nezelamani zakwaGupta, uRajesh, Atul no-Ajay, noDuduzane Zuma kanye namadodana kaNdunankulu waseFree State u-Ace Magashule – uGift noThato Magashule.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.