UMoyane usabisa ngokuthathela uRamaphosa izinyathelo zomthetho

2018-03-20 13:59

Johannesburg - Lowo omisiwe njengenhloko yakwa-SARS, uTom Moyane, usesabise ngokuthatha izinyathelo zomthetho kulandela ukumiswa kwakhe emsebenzini.

Encwadini uMoyane ayibhalele uMengameli Cyril Ramaphosa ngomhlaka-19 Mashi, uthe ukumiswa kwakhe "kuyingxenye yohlelo olungekho emthethweni".

Le ncwadi, okubukeka sengathi ihanjiswe ngaphambi kokuba amiswe emsebenzini ivele kwabezindaba ngoMsombuluko ebusuku, iveza ukuthi uma uRamaphosa engaqhubeka nokumisa uMoyane emsebenzini, uzimisele ngokuthatha izinyathelo zomthetho.

OLUNYE UDABA: Kumiswe isikhulu sakwaSassa

Ethintwa yiFin24 ngoLwesibili ekuseni ukuba aphawule, uMoyane uthe ngeke akwazi.

Uphinde wehluleka ukuphendula ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe ukuxoshwa kwakhe ukubona kufanele yini.

Esitatimendeni esikhishwe ebusuku ngoMsombuluko, iHhovisi likaMengameli limemezele ukuthi uMoyane umisiwe emsebenzini njengoba kulindeleke ukuba kube nohlelo lokuqondiswa izigwegwe.

"UMengameli Ramaphosa uthe ukumiswa kwakhe kumele kwenzeke ukuze kubuyiswe isithunzi sesikhungo u-SARS ngaphandle kokubambezeleka ngoba kuningi okonakele ngaphansi kwesandla sakhe," kusho okhulumela uRamaphosa, uKhusela Diko, esitatimendeni.

UMark Kingon nguye obambe izintambo okwamanje kwa-SARS.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.