Umphakathi uhlanganisa imali yokusiza umama owabulala owayedlwengula indodakazi

2017-09-11 11:02

Johannesburg – Sekuqaliswe umkhankaso wokuqoqa imali ukusiza owesifazane wase-Eastern Cape ngezindleko zecala, kulandela ukuboshwa kwakhe ngemuva kokubulala owesilisa oyedwa waphinde walimaza abanye ababili ayebasola ngokudlwengula indodakazi yakhe.

Umphakathi ukholelwa ukuthi wayezivikela. Owesifazane ungaphandle ngebheyili ka-R500 kanti ubhekene necala lokubulala nelokuzama ukubulala.

Isisulu sithi umzimba waso namanje usebuhlungu ngemuva kokudlwengulwa abesilisa abathathu.

Kodwa sibonga unina njengoba sisaphila namanje.

"Umzimba wami usezinhlungwini kodwa ngaphezu kwakho konke ngibonga wena, mama, ngokubeka impilo yakho engozini ukusindisa eyami,” kusho isisulu.

OLUNYE UDABA: UMalema uvumelekile emngcwabeni

Owesigfazane uthe, "Okwangenza ngamsiza ukuthi kwathi ngisondela ngasendleni ngezwa ehayiza, ngavele ngashiselwa. Ngangena endlini  emnyama, ngalokhu ngikuzwe ngalo ukuhayiza kwakhe, ngabe sengibona izinkanyeni, ngicabanga ukuthi lokho kwakwenziwa ukwesaba enganginakho.”

Abesilisa bazama ukulwisana naye, kodwa walwa nay, wabulala oyedwa walimaza abanye ababili.

Abasolwa ababili bagcinwe esitokisi ngecala lokudlwengula.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.