Umphakathi ungqongqise umsolwa nemoto

2018-02-17 15:30

Johannesburg - Amaphoyisa agxeke izigameko eziqhubekayo zokuzibambela umthetho ngezandla okwenziwa wumphakathi eLimpopo kulandela esinye isehlakalo esenzeke ngaseGa-Mokgotho, khona eLimpopo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthe amalungu omphakathi alunywe indlebe mayelana nesigameko esihleliwe sokugqekezwa kwebhizinisi, ase elalela unyendle abasolwa.

UNgoepe uthi umphakathi ube usuhlasela la basolwa abathathu ngaphambi kokuthi baphange isitolo sendawo.

Uthe abasolwa bebehamba ngezimoto ezimbili, kepha kuthe uma umphakathi uzivimba, abasolwa ababili abebehamba ngeveni bakwazi ukubaleka.

OLUNYE UDABA: Umphakathi ubulale abasolwa ngobugebengu

UNgoepe uthe yilapho-ke umphakathi obe usuwokhela khona le moto ngomlilo, omunye umsolwa engaphakathi kuyo.

“Umufi ongowesilisa oneminyaka engu-29 ubudala waseGa-Mashamothane, ngaseBurgersfort, kepha uphenyo lusaqhubeka ukuqinisekisa ukuthi nguye ngempela na. Akade ehamba nabo badle phansi," esho.

UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant General Nneke Ledwaba uzigxekile izigameko zokuzithathela umthetho ngezandla athe sezijwayelekile eLimpopo.

"Umphakathi kumele uzithibe ekutheni uzithathele umthetho ngezandla ngoba lokhu kubulala umsebenzi wamaphoyisa," esho.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.