Umphakathi uphoqeleke ukuphuza amanzi okochithwa kuwo isitamkoko

2017-02-01 14:30

Cape Town – Akukho ukwenza ngokunye kumphakathi waseWaterval, ngase-Elim Hospital, njengoba uphoqeleka ukuthi uphuze amanzi asemfuleni oseduzane nalapho kuchithwa khona isitamkoko kanye nomunye udoti, ngoba awekho amanye amanzi ompompi kulesi sigodi.

Sekuphele iminyaka eminingi lo mphakathi ungenawo amanzi ahambayo. Ngesikhathi iLimpopo ihlonzwa njengesifundazwe esinenhlekelele ngenxa yesomiso, umphakathi wakule ndawo waphoqeleka ukuthi uphuze amanzi alo mfula ongcolile njengoba namathangi ambalwa ezinye zezakhamuzi egcine esome nkwe.

OLUNYE UDABA: Imeya izothenga imoto ngemali ebibekelwe izidingo zomphakathi

“Sesilahle ithemba lokuthi ngelinye ilanga sizoba namanzi ahlanzekile ahambayo emakhaya ethu. Sesihlupheke iminyaka, kodwa akukho okwenziwayo ngesimo sethu. Mhawumbe kumele sivele singenele isiteleka njenganezinye izakhamuzi zenza,” kusho uMavis Baloyi, ongomunye wabahlali baseWaterval.

UMasipala iVhembe District usuwenze inqwaba yezithembiso zokuthi uzolungisa izinkinga zokuswelakala kwamanzi kule ndawo, kodwa ayikho into esenziwe.

NgoDisemba, iMeya yakulo masipala, uFlorence Radzilani, yanqaba isiphakamiso sokuthengelwa unyanyavu lwemoto ebiza u-R1.5 million. Okunalokho yacela ukuthi le mali isetshenziselwe ukuswelakala kwamanzi kwezinye zezindawo ezisemakhaya eVhembe.

“Kubuhlungu ukuphuza amanzi angcolile asemfuleni. Okubuhlungu kakhulu ukuthi uma ngabe lina, size siphuze amanzi ngaphandle kokuwabilisa kuqala. Sesibone abantu befika la ngaphambi kokhetho bese besithembisa ukuthi uma sibavotela, bazoqinisekisa ukuthi sinamanzi ahambayo. Kodwa manje izinyanga sezifike zadlula futhi asikabi nawo amanzi empompini yethu,” kuqhuba uBaloyi.

Okhulumela umasipala, uMatodzi Ralushai, uthi bayazi ngenkinga yokuswelakala kwamanzi emphakathini, wathi kungekudala lo mphakathi uzobe unamanzi ahambayo emakhaya awo. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.