Umphakathi ushaye wabulala ababili abasolwa ngobugebengu

2018-04-05 14:00

eLimpopo - Abantu ababili babulawe ngamalungu omphakathi ngemuva kokuba basolwa ngokuhlukumeza imiphakathi yaseMakhado naseThohoyandou eLimpopo.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Moatshe Ngoepe uthe ngoLwesithathu ngezithuba zika-13:30 elokishini laseTshino phandle kwaseThohoyandou iqulu lamalungu omphakathi livimbezele abasolwa abathathu libasola ngokugebenga, wukugqekeza kanye nokudlwengula okwenzeka kulo mphakathi.

Uthi umphakathi uqale washaya laba basolwa ngezinto ezahlukahlukene kwashona oyedwa oseminyakeni yo-30 ubudala.

Abasolwa ababili bona balimale kabi kanti baphuthunyiswe esibhedlela benamanxeba amabi.

OLUNYE UDABA:Bazovela enkantolo abasolwa ngokushisa ibhasi, kwashona abavukuzi

Kusenjalo, endaweni yaseWaterval phandle kwaseMakhado, amalungu omphakathi waseNjakanjaka ahlanganyele ndawonye ekhala ngezinswelaboya esezibaqedile ngobugebengu.

Kubanjwe umsolwa oyedwa oseminyakeni yo-20 ubudala washaywa waze washona.

UNgoepe uthi igama likamufi kalaziwa okwamanye.

Amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanye nodlame lwasemphakathini.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Trainee Accountant

Cape Town
Certified Master Auditors (South Africa) Inc.
R5 000.00 - R15 000.00 Per Month

Trauma/Emergency RN

Cape Town
Mass Staffing Projects
R300 000.00 - R400 000.00 Per Year

Learnership for People Living with a Disability

Western Cape
Isilumko Staffing (CPT)
R4 500.00 - R5 000.00 Per Month

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.