Umphakathi ushise umuzi womsolwa naye ephakathi

2017-08-06 16:32

Limpopo - Amaphoyisa aseMphephu ngaseThohoyandou aphume umkhankaso wokuthungatha amalungu omphakathi ashise umuzi umnikazi ephakathi endaweni yaseMavhunga Gondeni.

Amaphoyisa athi lokhu kwenzeke ngezintatha zangoMgqibelo.

“Kuthiwa iqulu labantu abangamalungu omphakathi livuke umbhejazane lashisa umuzi umnikazi elele ebusuku. Umufi usolwa ngokuhlukumeza umphakathi ngobugebengu egqekeza amabhizinisi Kanye nemizi,” kusho uLt-Col Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA:Kuxwayiswa izakhamuzi ngenqwaba yezinyoka ezizobonakala kulezi zinsuku

U-Avhurengwi Mabala, oseminyakeni yo-40 ubudala uphume eqhasha ebona umuzi wakhe usha wazithela kwiqulu limlindile.

Abasolwa babambe umufi bamshaya ngezikhali ezahlukahlukene bamshiya lapho.

Amaphoyisa afike amthola edindilizile, amphuthumisa esibhedlela nokuyilapho ashonele khona.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko kanti amaphoyisa anxusa umphakathi ukuba ulekelele ngolwazi olungaba wusizo, kubika iThe Citizen.

Uma kukhona onolwazi, angaxhumana noKaputeni Richard Boshomane ku-079-894-5501.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.