Umphakathi usize amaphoyisa ngokuboshwa kwababambe i-ATM

2018-01-27 11:03

Cape Town  - Kuboshwe amadoda amahlanu nowesifazane ngezinsolo zokuphanga endaweni yaseStrand ngoLwesihlanu, kusho amaphoyisa.

La basolwa baboshwe ngemuva kokuba izakhamuzi zincinze amaphoyisa indlebe ngabasolwa ababambe i-ATM.

Okhulumela amaphoyisa eWestern Cape uSergeant Noloyiso Rexwana uthe izakhamuzi zibenezinsolo ngemoto ebizula zula endaweni zabe sezishayela amaphoyisa ucingo.

OLUNYE UDABA: Kuqhunyiswe i-ATM kwagqekezwa nesitolo eN West

Amaphoyisa ayibona imoto, yaseshwa kwatholakala imali kuyo.

"Uphenyo lwakamuva luveza ukuthi abasolwa bayabandakanyeka esigamekweni sokusika bavule i-ATM endaweni yaseStrand," kusho uRexwana.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele enkantolo maduze.

UKhomishana wamaphoyisa esifundazwe uLieutenant General Khombinkosi Jula, uncome umphakathi ngokudlala indima yawo ekuboshweni kwabasolwa.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.